UCWANINGO LWE-AMP LOKUVIMBELA I-HIV

Abaphenyi be-AMP bamemezela imiphumela yokuqala yoCwaningo lwe-AMP 


U-AMP umelela ukuthi Antibody Mediated Prevention (Ukunqanda Isifo Nge-antibody). Lona umqondo wokunika abantu ama-antibody ukuze kubonakale ukuthi azobavikela yini ekungenweni yi-HIV. 

Lolu cwaningo, olubizwa nangokuthi i-HVTN 703/HPTN 081, luhlola umqondo omusha wokuvimbela i-HIV. Ocwaningweni oluvamile lokugomela i-HIV, sinika abantu umuthi wokugoma bese silinda ukuze sibone ukuthi imizimba yabo iyawenza yini ama-antibody okulwa ne-HIV. Kulolu cwaningo, sizoseqa leso sinyathelo, sivele sinikeze abantu ama-antibody bukhoma/ngqo. Lokhu sizokwenza ngokunika ababambiqhaza mjovo emthanjeni, lokhu abanye abantu abakwazi kangcono ngokuthi ukuthola i-IV noma ukuthola idriphu. Lolu ucwaningo lokuqala oluhlola ukuthi ingabe le antibody ingakunqanda yini ukungenwa yi-HIV kubantu.